1 Thessalonians 4
1 Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho.
2 Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.
3 Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu ukuba ningcweliswe, nidede ebufebeni;
4 kube yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha,
5 kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu,
6 ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela.
7 Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga emanyaleni, kodwa wasibizela ebungcweleni.
8 Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
9 Kepha mayelana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nilotshelwe ngalokho, ngokuba nina luqobo nifundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane.
10 Lokho niyakukwenza kubo bonke abazalwane abakulo lonke elaseMakhedoniya. Nokho bazalwane, siyanigqugquzela ukuba lokho nikwenze kakhulu.
11 Nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, ninake izindaba zenu, nisebenze ngezandla zenu, njengalokhu saniyala,
12 ukuze nihambe ngokufaneleyo phambi kwabangakholwa, futhi ningantuli lutho.
13 Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.
14 Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
15 Ngokuba sikusho lokhu kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisaphila sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyukubandulela ngempela abaleleyo,
16 ngokuba iNkosi uqobo iyakukwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu; abafileyo kuKhristu bayakuvuka kuqala.
17 Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi.
18 Ngakho-ke duduzanani ngalawa mazwi.